UNgqongoshe wezeNhlalakahle umama uNonhlanhla Khoza ukhuthaze kakhulu ukuthi ulwe nezinkinga ezikhungethe abantu bakithi. Lokhu ukusho emkhankasweni wakhe obizwa nge Operation Sigalelekile obukwaDweshula ku Ward 1 kuMasipala waseMzumbe. Lomkhankaso uyimpendulo yezinto ezaphakanyiswa emphakathini ngenkathi ongqongqoshe bakwaZulu Natal behambele imiphakathi yasoGwini.
UNgqongqoshe uKhoza ukhale kakhulu ngezinga lobugebengu okwenzeka ezindaweni zomphakathi eziningi, indlala kanye nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Uthe lokhu kungaba umlando uma nje bonke abantu bengabumbana ukwakha imiphakathi ephephile. “Ziningi izigameko ezenzeka ezweni lakithi, kwisifundazwe sakithi naseMzumbe. Ubani ongakhohlwa izigameko zokubulawa kwabantu besifazane eMthwalume?.”
Uqhubekile wathi nge Operation Sigalelekile umnyango uqonde ukuqeda ngazozonke izinto ezikhathaza abantu bakwaZulu Natal. ” Lohulumeni kaMandela wafunga ukuthi uyohlala usebantwini ulwela amalungelo abantu. Safika la emasontweni ambalwa edlule basho abantu izinkinga zabo. Sibuyile ukuzophendula manje futhi umehluko uzoba khona.
Siwuhulumeni ophendulayo. Angihambi ngedwa. Bakhona abezeZindlu, bakhona abakwa Arts and Culture, bakhona abakwaSASSA, bakhona omasipala Ugu noMzumbe.” usho kanje.
Ukugcizelele ukuthi abantu kumele babekwe phambili kukhokonke okwenziwa uhulumeni. OMeya abekade bekhona waseMzumbe noGu nabo bazibophezele ukuqhubeka la kugcinwe khona baqaqe izinkinga zabantu.
Ikhishwe uMasipala waseMzumbe