Umphakathi owakhele indawo yaseSunduza , kuWadi 1 uzwakalise enkulu intokozo emva kokuzwa izindaba zokufakwa kwagesi ezoqala ngomhlaka 1 May 2023.
Leprojekthi yokwakhiwa kwenqalasizinda zagesi kanye nokufakwa kukagesi, izokhanyisela imizi eyzi-588.
Namuhla kwethulwe ochwepheshe balomsebenzi okuyinkamapani iZLM Engineering ezokwenza lomsebenzi oyizi- R 14,5 million ozoqala 1 May 2023 izophela ngoJune 2024.
“Silapha ukuzofezekisa isithembiso sikahhulumeni sokufakela umphakathi wakithi ugesi ngokusemthethweni.
Ngaleprojekthi ebizwa ngokuthi iSunduza Electrification Project sizoshintsha izimpilo zabantu bakulendawo ziye phambili. Ngiphinde ngisho ukuthi leprojekthi inkulu kakhulu njengoba izothatha isikhathi esingangonyaka, okuzodala amathuba emisebenzi amaningi.” Lawa ngamazwi eMeya yaseMzumbe uMhlonishwa uKhansela Bongani Nyuswa.
Umphakathi obuphume ngobuningi uncome kakhulu imizamo kamasipala ukushintsha izimpilo zabantu.